Imibhalo yezomlando ebhalwe ngolimi lwesiZulu

Author: Ms Rooweither Mabuya (SADiLaR isiZulu Researcher)

Historical literary works written in isiZulu

This blog is about the historical literary works written in isiZulu and it shows us the prominent authors who contributed in ensuring that the history is preserved. The detailed information on each of the authors is accredited to Mazibuko (2008).

Le bhlogi imayelana nemibhalo yezomlando ebhalwe ngolimi lwesiZulu iqukethe ababhali abavelele abadlala indima enkulu ekugcinweni komlando. Ukugunyazwa kwemininingwane egcwele mayelana nombhali ngamunye kuku-Mazibuko (2008).  

Kubalulekile ukuthi kucaciswe ukuthi imibhalo eyayibhalwe ngolimi lwesiZulu yephuza kakhulu ukuba khona ngenxa yokungafundi ikakhulukazi kwabantu bakwaZulu ngaleso sikhathi.  Okuyizona zincwadi zokuqala ezafundwa ezikoleni zaseNatali yilezo ezazibizwa ngokuthi “James Stuart Books”.  Ababhali abaningi bamanoveli omlando imibhalo yabo babeyisusela kulawa mabhuku.

UDhlomo, R.R.R. wabhala kakhulu ngamakhosi adumile ayekade ephila. Amanoveli kaDhlomo ngamakhosi yiwona athathwa kakhulu njengaqukethe umlando wakwaZulu. Ngesikhathi semibhalo yoDhlomo kwakungelula ukuba imibhalo elotshwe ngumbhali ompisholo ishicilelwe. Lokho kwenza ukuba ababhali abansundu bashicilele imibhalo yabo emaphephandabeni.

UDube, John wabhala inoveli yomlando ethi “Insila KaShaka” (1931) ekhuluma ngoJeqe. Kuyabonakala ukuthi emva kokufunda amanoveli amaningi esiNgisi kanye nemidlalo uDube wabe esebona kufanele abhale le noveli. Kule noveli wakhetha ukuba abhale ngoJeqe ngoba emlandweni akukho lapho sitshelwa khona ngokuthi kwenzekani ngomuntu owayebaluleke njengoJeqe emva kokukhothama kwenkosi uShaka.

UVilakazi, B.W. wabhala inoveli yomlando ethi “Noma Nini” (1935) exoxa ngokubaleka kwenkosi uMpande.  Wabuye wabhala ethi “uDingiswayo kaJobe” ngonyaka we-1939 ekhuluma ngenkosi yaKwaMthethwa.

UGwayi, Joyce wabhala amanoveli omlando amathathu ayelandelana ngokwengqikithi. Eyokuqala yayithi “Bafa Baphela” (1973) eyayikhuluma ngoMantantisi indlovukazi yesizwe sabaTlokoa. Eyesibili yayithi “Shumpu” (1974) ekhuluma kakhulu ngenkosi uZwide wesizwe sakwaNdwandwe kanye nenkosi uDingiswayo wesizwe sakwaMthethwa. Ichaza nangokubulawa kwenkosi uDingiswayo ebulawa nguye uZwide. Inoveli yakhe yokugcina ithi “Yekanini” (1976) ichaza kabanzi ukuthi inkosi uShaka yahlukumezeka kanjani isencane nendlovukazi uNandi ezigodlweni ababehamba behlala kuzo emva kokuba sebexoshiwe kwaZulu.

Bakhona nabacwaningi abambalwa asebeke bacwaninga ngamanoveli omlando.  UMayekiso, (1985) ocwaningweni lwakhe olusihloko sithi “The Historical Novels of Jessie Joyce Gwayi,” alwenzele iziqu ze-MA ngonyaka we-1985 ucubungula amanoveli omlando ka J.J. Gwayi athi ‘Bafa Baphela’, ‘Shumpu’, kanye nethi ‘Yekanini’.

UKhoza, Fikile (2001), ocwaningweni lwakhe lweziqu ze-MA olungashicilelwe olusihloko sithi “The discussion of RRR Dhlomo’s Historical Novels”, ucubungula amanoveli omlando abhalwe uDhlomo ngamakhosi akwaZulu. UKhoza ubheka inkosi uShaka, inkosi uDingane, inkosi uMpande (1937) kanye nenkosi uCetshwayo (1952).

Bibliography

Khoza, F.P (2001). The Discussion of R.R.R Dhlomo ‘s Historical Novels. MA Thesis. Durban: University of Durban Westville.

Mayekiso, A.C.T (1985). The Growth of the Zulu Novel. University of Natal. Unpublished article.

Mazibuko, G.B. (2008). Ucwaningo lokuqhathanisa amanoveli omlando ka-RRR Dhlomo kanye nezibongo zamakhosi akwaZulu ezaqoqwa uNyembezi (1958). PhD Thesis. Durban: University of KwaZulu-Natal.